Unisa Press

Umthombo Wethemba

Author: Mfanufikile Motau
Published: February 21, 2011
ISBN: 978-1-86888-648-7
Number of pages: 71
Contact:

Business Section

012 4293515/ 3448

How to buy:

Business Section

012 4293515/ 3448

This book is not available in electronic format

About the book

isiZulu

Umthombo Wethemba incwadi yezinkond­lo ebhalwe ngolimi lwesiZulu ukuletha intokozo nethemba ngendlela ejulile yobuciko. Iqukethe izinkondlo ezivusa imizwa yenjabulo, inhlakanipho, ukukha­lipha, ukucobelelana ngolwazi, ukudu­duzeka kwenhliziyo, izimvo maqondana nesimo sempilo nalokho okusithinta sonke njengabantu baseNingizimu Afrika. Le ncwadi iyathakaseleka ngoba izinkondlo ezikuyo zisixhumanisa nezimpande zethu lapho sivela khona, zithinte imizwa yethu ngendlela esizwa ngayo manje, ziveze ukuguquka kwezikhathi, indlela umuntu acabanga ngayo esikhathini esiphila kuso nokulangazelela ukudlulisela ulwazi olubal­ulekile ezizukulwaneni ngezizukulwane.  Umuntu angayifunda le ncwadi ukuze azithokozise yena noma abelane ngolwazi olukuyo nabanye. Izinkondlo zibhalwe ngendlela eqavile, ngolimi oluzwakala kubo bonke abantu futhi olucolekile. Izinkondlo zikhuluma ngabantu abaphila impilo ejwayelekile nesiyaziyo, nomhlaba abange­baningi abangawuncoma njengomuhle, kodwa okunesidingo sokuba uthandwe futhi uguqulwe. Isifundo esitholakala kuMthombo Wethemba singasiqondisisa kangcono uma sibheka isimo senhlalo yabantu abaphila kulesi sikhathi sethu. Imbongi ilobe ngobuqotho nangesibindi yadweba isithombe esigqamile ngomhlaba ezalelwe yakhulela kuwo. Ngale ndlela kube nzima kuyo ukugwema ukukhuluma ngemiphumela yezimo ezifana nobandlu­lulo oluthinte impilo nesithunzi somuntu waseNingizimu Afrika. Kodwa-ke ingqikithi ebhala ngayo imbongi ithinta izinto eziningi ezifaka phakathi ubuqhawe, umbusazwe, uthando, izehlakalo ezimbi namaphupho ethemba lenkululeko.

English

Umthombo Wethemba (translated as The Spring of Hope), an anthology of poems in Zulu, aims to express joy and hope in a literary medium. The poems impart knowledge and at the same raises emotions of happiness, and produces reflections of wisdom, intelligence and comfort, in the context of the social conditions and envi­ronment that touch us as citizens of South Africa. The poems are characterized by brilliant language flowing in an accessible and yet refined style. They speak about real people with whose lives we can identify, brought together in a world in need of love and reform. The poet’s honesty and confidence enables him to draw a vivid picture of the world in which he was born and raised. Themes such as discrimination and human dignity, which have impacted the lives of all South Africans, alternate with themes such as championship, politics, love, unfavorable events, and dreams of freedom. All can enjoy the way that the poems con­nect us with our roots, and elucidate our feelings as we experience things now. They offer insight into our changing times, our thoughts on life, and the desire to pass on knowl­edge to generations beyond. The anthology can be read on two levels: purely for enjoy­ment, or as a tool to impart information to others

Table of content

sethulo iii
Amazwi okubonga iv
Nkosi 1
Hlala
nami 4
Ngiyofika ngithini? 5
Amasiko 6
Iyanibiz’ i-Afrika 9
Giya
Zulu 11
Kusebandla 12
Ngibhekele dlozi 14
Isanusi 16
Vuka!
17
Ezweni 19
Akungcono ngife nami? 20
Jafta Mahlangu High
22
Ngikhumbula lezo zinsuku 24
Mamncane 25
Gogo wami 26
Hamba kahle
28
BaNtungwa 31
Nobayeni, ungishiyeleni? 32
Maluju! 33
Kwabakithi
34
Umfan’ ufikile 35